USomlomo nethimba bahambele aMazabeko
UMhlonishwa Somlomo kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uKhansela T Kunene ehambisana nethimba likangilokothe elibheka izinkinga zamanzi eMzinyathi namhlanje bebekwa-Wadi 20 eMazabeko, eMsinga ukuyozama ukuxazulula izinkinga zamanzi ezikhona kuleya ndawo.
Bafike ehholo umphakathi ubalindile noKhansela wendawo uKhansela Mabaso nokuyilapho bethathe khona usomlomo nethimba nophiko lwezamanzi ukuyobakhombisa izinkinga ezikhona ababona ukuthi umthwalo ungehla uma kungase kulunge zona kuqala.
USomlomo utuse kakhulu umphakathi waseMazabeko ngokungahlali dekle ulindele ukuthi izinto ziyozilungela zona kodwa usukume ubike udaba lwawo eMzinyathi.
“Silapha nje yingoba nani benizihlupha nifisa kulunge udaba lwenu. Amathange njengoba esefikile namapayipi eselethiwe, kukhomba khona ukuthi indlela eya phambili ikhona. Ithimba njengoba lizobuya ngesonto elizayo ngikhohlwa ukuthi kuzobe sekuyikhona ukuqala kokulungiswa kwalezinkinga enizivezayo njengoba silapha namhlanje,” kubeka uSomlomo.
Usihlalo wethimba uNkk V Zondi uthe ngesonto elizayo bazophindela kule ndawo nomnyango wezamanzi sebeyoqalisa ukulungiswa kwenkinga ezibikwe umphakathi.
Kulamasonto edlule ithimba belisePomeroy nophiko lwezamanzi bashiye seyilungile isewer plant ibinenkinga kule ndawo.