![Kuphendulwe Isoyi Kolwamanzi](https://www.umsinga.gov.za/wp-content/uploads/2024/12/Kuphendulwe-Isoyi-Kolwamanzi.jpg)
Kuphendulwe Isoyi Kwethulwa Uhlelo Lwamanzi
Umkhandlu waseMzinyathi usuphinde wangenisa futhi ngentuthuko endaweni yaseMsinga ku-ward 5, lapho iMeya yomkhandlu waseMzinyathi umhlonishwa ukhansela ALD PMS Ngubane ehambisana nobuholi boMkhandlu, kanye naMakhosi bezophendula isoyi leproject iMthembu west water supply phase 2 eMzisho ngaphansi kukakhansela uV. S. Ndlovu.
Le project izokwenziwa usonkontileka u CIVTECH, izodla isamba semali elinganiselwa ku- R89.6 Million. Izindawo ezizohlumula ngale project, eMzisho, eMaromeni, Tugela Ferry kanye nase Mahlabathini. Imizi ezohlomula ilinganiselwa ku- 1962. UMhlonishwa uMeya uthi “igcagcele esokeni ngoba ukuphela kwale project kuyobe kusho ukuthi ingxenye enkulu yoMsinga sizobe sesikwazile ukuyihlinzeka ngamanzi.
Uma kuza uhlelo olukhulu kangaka endaweni usonkontileka siye sincome kakhulu ukuthi aqashe abantu bendawo ukuze kube nemindeni ezokwazi ukubeka isinkwa etafuleni. Njengoba uqala lomsebenzi balinganiselwa ku -18 abantu abazoqashwa. Abantu kumele bahambele imihlangano yomphakathi ngoba lezi zindaba yilapho ezifike zixoxwe khona. Ngiyaninxusa bantu bakithi ukuthi uma kukhona eninganelisekile ngakho ningaphasamisi umsebenzi ngoba uma nenze njalo nizobe nizibambezele nina ukuthi nithole
amanzi. Noma seniwatholile ngicela niwaphathise okwezikhali zamantungwa. Singezwa sekuthiwa nigqashule amakhebula kagesi nazixhumela ngokungemthetho amanzi ngoba lokhu kuzobe kuwukuzibuyisela emuva.”