Imidlalo yeSALGA-002

Ibe yimpumelelo imidlalo yeSALGA

Ibe yimpumelelo imidlalo yokuhlunga abazomela umasipala wesifunda kwimidlalo yama KZN SALGA 2024 ezobanjelwa eThekwini ngo December.

Lemidlalo ibihlanganisa omasipala abangaphansi koMzinyathi, baqhudelene ngokwehlukana kwemidlalo kwase kukhethwa abadlali abazosimela.

Read More
isicathamiya_019

Ube yinqophamlando umcimbi wesicathamiya

UMhlonishwa uMeya Dr F.J Skhakhane uthe kuyamjabulisa ukubona izinga lalomcimbi linyuka njengoba kuwunyaka wesibili wenziwa kulonyaka.Wathi umculo kaChothoza unomlando omukhulu kulendawo njengoba negqalabutho eyayicula uCothoza uSolomoni Linda wazalelwa khona endaweni yaseMsinga ePomeroy esibizwa ngeSololom Linda.

Lomcimbi ubuhanjelwe izicukuthwane eziningi eziphuma ezindaweni ezingi .Waphinda wahanjelwa UNgqongqoshe wezemidlalo kanye namaciko UMec uMtomuhle Khawula kanye namakhansela aseMsinga.

Abadle umhlanganiso kwisicathamiya yilaba abalandelayo

5. Ukzn

4. Nongoma khethukuthula

3. Inkululeki

2. Pomeroy

1. Khalabhayi boyz

Local schathamiya

5.Mthaleni

4.Amaphikeleli

3.Draw

2.Thokoza boyz

1.Gunjane master voice

Naba Modelayo

Youth model

5. MaZwane

4. Qiniso Ciya

3. Sphesihle buthelezi

2. Nomcebo mchunu

1. Athaliya mzinde

Abasebekhulile model

5. Nqobile ntembe

4. Neli Gcobo

3. Nozipho Mbhatha

2. Ngenzeni Ntanzi

1. Staff Dlamini

Abahleli balomcimbi uDr Sthole, kanye noNqolakazi bathe bazoqhubeka naloluhambo, bayafisa ukulibona likhula kakhulu izinga.

Read More
Road Contractors Handover

Road Contractor’s Handover

uMhlonishwa uMeya uCllr Dr. FJ Sikhakhane uzobe ethula osonkontileka abazokwakha imigwaqo kulezizindawo ezilandelayo:

  • Ward 02 KwaShishi Road
    Date: 02 December 2024
    Isikhathi: 09h00 ekuseni
    Indawo: Gudlintaba Hall
  • Ward 03 Ntunjeni Road
    Date: 03 December 2024
    Isikhathi: 09h00 ekuseni
    Indawo: Ntunjeni Hall

Read More
Uhlelo_Lokuthuthukiswa_001

Uhlelo Lokuthuthukisa Amabhizinisi Asafufusa

Kukhulu okwenzeka lapha eMsinga nina; bukani nje! Lezi-ke zibuye no R200 000 uzwa lapha e Ithala, kwi programme yalo yokuthuthukisa amabhizinisi asafufusa.

We can only be proud of ukuphusha kwenu zingane zakwethu, ayikhule imisebenzi yenu. Nithathe uMsinga niwubeke kwibalazwe, kukhulu esikufunda kinina; khulani njalo! 

Siyabonga ku Msinga Municipality and all other stakeholders and supporters abenze lento ukuthi ibe impumelelo.

Sikwimishini, sinevishini!

#MsingaIsRich

#MsingaBusiness

#MsingaYouth

#Business

#InkunziIsematholeni

#Ithala

Read More