Ubesenhlanhleni enkulu umkhandlu umasipala waseMzinyathi lapho uhanjelwe uNdunankulu wesifundazwe sakwaZulu Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ehambisana noNgqongqoshe wezolimo umhlonishwa umama ukaMadlopha-Mthethwa, noPolitical champion waseMzinyathi uNgqongqoshe uMhlonishwa uRev Musa Zondi, kanye namakhansela akhele isifunda.
Namhlanje bavakashele eMsinga ukuyoqalisa ukulima kulomphakathi njengoba sekungena iskhathi sokulima nokuyilapho bethi”PHEZ’KOMKHONO” emphakathini waseMsinga ku ward 18 no 19 ngaphansi kuka Khansela TL Kunene ophinde abe nguSomlomo womkhandlu uMzinyathi.
Ekufikeni kwabo bavakashele iproject ebizwa ngokuthi iGwamanda project okuyi- co-operation yabalimi ehlanganisa abesifazane abangamashumi amathathu nanye(31), kanye nabesilisa abayishumi nesishiyagalolunye(19) banikele ngezinsiza kusebenza okubalwa amageja, amasaka embewu yommbila, umanyolo nokunye.
Umphakathi waseMzinyathi ujabule kakhulu waphuma ngobuningi ukuzozibonela ngokwawo kulethwa intuthuko nokuzothuthukisa umnotho kulendawo besizakale. Inkosi yendawo Inkosi uMajozi kanye nekhansela lendawo uKhansela TL Kunene balamukele ngelikhulu isasasa loluxhaso endaweni yabo bagqugquzele ukuthi abantu mabalime bezakhe bezenzele.